Shwi No Mtekhala

Ngafa


Imprimir canciónEnviar corrección de la canciónEnviar canción nuevafacebooktwitterwhatsapp

Ngafa ngafel'ubala, ngafel'ubala oh yini?
Ingabe yini?
Ngafa ngafelu ubala, wo ngafel' ubala oh yini?
Ingabe yini?
Bayangitshela laph'eng'hamba khona
Bathi kimi "yizintombi zami"

Ngafa ngafelu ubala ngafel' ubala oh yini
Ingabe yini?
Bayangitshela laph'eng'hamba khona
Bathi kimi "Yizintombi zami"

Uma ngingena esibhedlela mina
Ngiyofun'usizo lwempilo yami
Bafike bethi "Hamba baba kawuna lutho"
Uma ngingen' emthola mpilo mina
Ngiyofuna usizo lwempilo yami
Bafike bethi hamba baba awuna lutho
Hawu ngomoya wami
Hawu impilo yami

Awungitshele Nobuhle wami
Wena mangithandana nawe
Wangibhanqa nabangaki na?
Kawungitshele
Babebabili

Awungitshele Nomusa wami
Wena mangithandana nawe
Wangibhanqa nabangaki na?
Ngithi kawungitshele
Babebathathu

Kwakungamele ukuthi ningibhanqe nabantu abaningi
Ngoba nani niyazi kulomhlaba kunezifo
Kwakumele nithande mina ngedwa vo

Kwakungamele ukuthi lingibhanqe labantu abaningi
Ngoba nani niyazi kulomhlaba kunezifo
Kwakumele nithande mina ngedwa ngedwa

Awungitshele Sindisiwe wami
Wena ngoba ngihlala nawe endlini
Bangaki na ongibhanqe nabo?

Dali wami
Ngicela ukukhulum'iqiniso kuwe Dali
Dali wami
Ngicela ukukhulum' iqiniso kuwe Dali

Baningi ngeke ngeke ngibaqede
Baningi ngeke ngeke ngibaqede

Dali wami ngicela ukukhulum'iqiniso kuwe Dali
Ha yimihlola yami
Yimihlola yami yini lena kanti Sindisiwe

Wangibulala Nobuhle wami kant'unjani? (ngikuthembe kanga)
Wangibulala Sthandwa (awu kanti unesandla ukufeni kwami)
Wangibulala Nomusa wami kant'unjani?
Wangibulala Sthandwa (a yimihlola yami yini le)
Wangibulala Sindi wami kanti unjani (ngikuthembe kangaka)
Wangibulala Sthandwa (awu kant'unesandla)

Dali wami ngicela ukukhulum'iqiniso kuwe Dali
Dali wami ngicela ukukhulum'iqiniso kuwe Dali
Baningi ngeke ngeke ngibaqede
Baningi ngeke ngeke ngibaqede
Dali wami ngicela ukukhulum'iqiniso kuwe Dali
Wangibulala Nobuhle wami kant'unjani?