
Yebo Okwami
Yebo okwami okwezandla
Ukub'okwezinyawo ngabe ngiyahamba
Yebo okwami ngithi okwezandla
Ukub'ikwezinyawo ngabe ngiyayivala
Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali
Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali
Namhlanje ngoba wena usunemali
Awusanginaki sowubhodl'amanyosi
Namhlanje ngoba wena usunemali
Awusanginaki sowubhodl'amanyosi
Kodwa mina bengithi uma ngithol'utiki
Ngiwudle nawe (Aw mngane wami)
Kodwa mina bengithi uma ngithol'utiki
Ngiwudle nawe (Aw mngane wami)
Hayi impela madoda
Hayi impela madoda
Imali imbangi yesono
Hayi impela madoda
Hayi impela madoda
Imali imbangi yesono
Ngoba uwena mngani wami
Osungijikele kanjena
Imali imbangi yesono
Ngoba uwena mngani wami
Osungijikele kanjena
Imali imbangi yesono
Yebo okwami okwezandla
Ukub'ikwezinyawo ngabe ngiyahamba
Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali
Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali