Abafana Baseqhudeni

Yebo Okwami


Imprimir canciónEnviar corrección de la canciónEnviar canción nuevafacebooktwitterwhatsapp

Yebo okwami okwezandla
Ukub'okwezinyawo ngabe ngiyahamba
Yebo okwami ngithi okwezandla
Ukub'ikwezinyawo ngabe ngiyayivala

Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali
Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali

Namhlanje ngoba wena usunemali
Awusanginaki sowubhodl'amanyosi
Namhlanje ngoba wena usunemali
Awusanginaki sowubhodl'amanyosi

Kodwa mina bengithi uma ngithol'utiki
Ngiwudle nawe (Aw mngane wami)
Kodwa mina bengithi uma ngithol'utiki
Ngiwudle nawe (Aw mngane wami)

Hayi impela madoda
Hayi impela madoda
Imali imbangi yesono

Hayi impela madoda
Hayi impela madoda
Imali imbangi yesono

Ngoba uwena mngani wami
Osungijikele kanjena
Imali imbangi yesono

Ngoba uwena mngani wami
Osungijikele kanjena
Imali imbangi yesono

Yebo okwami okwezandla
Ukub'ikwezinyawo ngabe ngiyahamba

Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali
Mngani wami awusanginaki
Ngoba wena usunemali