Abafana Baka Molo

Nans' Eyami


Print songSend correction to the songSend new songfacebooktwitterwhatsapp

Ukulunga lokhu okwenza abafana bazungez'umuzi kababa
Belokhu bezungez'umuzi kababa
Ukulunga lokhu okwenza abafana bazungez'umuzi kababa
Belokhu bezungez'umuzi kababa
Ngiyothi ngangingaboni, ngangishay'impukane kwalimal'umuntu
Ngiyothi ngangingaboni
Ngiyothi ngangingaboni, ngangishay'impukane kwalimal'umuntu
Ngiyothi ngangingaboni
Ukulunga lokhu okwenza abafana bazungez'umuzi kababa
Balokhu bezungez'umuzi kababa

Yeyi nina bafana nande ngomlomo
Yeyi nina bafana nande ngomlomo
Nihlushwa ngoba nande ngomlomo njenge bhakede
Niyoyisuth'induku ngeliny'ilanga
Niyoyisuth'induku ngeliny'ilanga
Yeyi nina bafana nande ngomlomo

Anisuke bafana kungaze kulimal'omunye
Ikakhulu wena Sphihlane, ususondele kakhulu
Anisuke la
Anisuke bafana kungaze kulimal'omunye
Ikakhulu wena Sphihlane, ususondele kakhulu
Anisuke la

Ukulunga lokhu okwenza abafana bazungez'umuzi kababa
Belokhu bezungez'umuzi kababa
Ukulunga lokhu okwenza abafana bazungez'umuzi kababa
Belokhu bezungez'umuzi kababa
Ngiyothi ngangingaboni, ngangishay'impukane kwalimal'umuntu
Ngiyothi ngangingaboni
Ukulunga lokhu okwenza abafana bazungez'umuzi kababa
Balokhu bezungez'umuzi kababa

(Yeyi nina bafana nande ngomlomo)
(Yeyi nina bafana nande ngomlomo)
(Nihlupha ngoba nande ngomlomo njenge bhakede)
(Niyoyisuth'induku ngeliny'ilanga)
Ngiyonishaya bafana kukhal'onyoko
(Niyoyisuth'induku ngeliny'ilanga)
Ngiyonishaya bafana kukhal'onyoko
(Yeyi nina bafana nande ngomlomo)
(Yeyi nina bafana nande ngomlomo)
(Nihlupha ngoba nande ngomlomo njenge bhakede)