
Ungumfowethu (Song of Brotherhood)
Ngeliny'ilang'iyoshabalal'inhlupheko
Siyohlala ngokunethezeka sonke
Yekel'abezizwe badl'ifa okwesikhashana
Isintu sith'isinamuva liyabukwa
Ngeliny'ilanga iyodilika indlu yendlala
Ziyoqhakaza iziph'esanikezwa zona
Hamba nami ngihambe nawe
Sobabili siyovuselela zonk'izizwe zeAfrika
Oh no, ngoba wen'ungumfowethu
Noma kukhuphukela wena ungumfowethu
Oh no, ngoba wen'ungumfowethu
Noma sihlukunyezwa wena ungumfowethu
Ngeliny'ilanga kovuka isithunzi sethu
Kuphel'uma sihloniph'isiko lakithi
Cosha kim'ukukhalipha ngiyocosha kuw'ubuciko
Sobabili sosindis'iAfrika
Oh no, ngoba wen'ungumfowethu
Noma kukhuphukela wena ungumfowethu
Oh no, ngoba wen'ungumfowethu
Noma sihlukunyezwa wena ungumfowethu
Oh no, ngoba wen'ungumfowethu
Noma kukhuphukela wena ungumfowethu
Oh no, ngoba wen'ungumfowethu
Noma sihlukunyezwa wena ungumfowethu
Ngelinye ilang'iyoshabalal'inhlupheko
Siyohlala ngokunethezeka sonke
Hamba nami ngihambe nawe
Sobabili siyovuselela zonk'izizwe zeAfrika