Mzala Wami
Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Akukufanele neze neze lokhu
Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Akukufanele nez'ukuth'utshel'abantu nemfihlo zethu
Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Akukufanele neze neze lokhu
Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Ngoba ngiyakutshela mzala mntakamalume
Khuluma
Ngenzeni
Ukuze
Ngizocel'uxolo kuwe
Khuluma
Ngenzeni
Ukuze
Ngizocel'uxolo kuwe
Khuluma
Ngenzeni
Ukuze
Ngizocel'uxolo kuwe
Izinto zoniwa ngumlomo yibuye yilungiswe ngomlomo
Amehl'abhekile
Amadleb'alalele
Izinto zoniwa ngumlomo yibuye yilungiswe ngomlomo
Amehl'abhekile
Amadleb'alalele
Uma ungakhulumi ukuthi ngikwenzeni
Kanti ngizoyiyeka kanjani lent'engiyenzayo kuwe
Khuluma, khuluma, khuluma mzala weh
Uma ungakhulumi ukuthi ngikwenzeni
Kanti ngizoyiyeka kanjani lent'engiyenzayo kuwe
Aw khuluma, khuluma, khuluma mzala wami
Uma ungakhulumi ukuthi ngikwenzeni
Kanti ngizoyiyeka kanjani lent'engiyenzayo kuwe
Yey wena khuluma
Wena ungumzala wami
Futhi wena wena ungumntakamalume
Akufanel'ukuthi sixabane sodwa
Ay mntakamalume ngiyakutshela bazothin'abazali bethu
Wena ungumzala wami
Futhi wena ungowasekhaya kabomama
Akufanel'ukuthi sixabane sodwa
Woh ngiyakukhuza ngiyakukhuza
Mntakamalume
Wena ungumzala wami