Mzala Wami


Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Akukufanele neze neze lokhu

Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Akukufanele nez'ukuth'utshel'abantu nemfihlo zethu

Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Akukufanele neze neze lokhu

Yeyi mzala wami
Yeyi mntakamalume
Yin'utshel'abant'ukuthi awusezwani nami
Ngoba ngiyakutshela mzala mntakamalume

Khuluma
Ngenzeni
Ukuze
Ngizocel'uxolo kuwe

Khuluma
Ngenzeni
Ukuze
Ngizocel'uxolo kuwe

Khuluma
Ngenzeni
Ukuze
Ngizocel'uxolo kuwe

Izinto zoniwa ngumlomo yibuye yilungiswe ngomlomo
Amehl'abhekile
Amadleb'alalele

Izinto zoniwa ngumlomo yibuye yilungiswe ngomlomo
Amehl'abhekile
Amadleb'alalele

Uma ungakhulumi ukuthi ngikwenzeni
Kanti ngizoyiyeka kanjani lent'engiyenzayo kuwe
Khuluma, khuluma, khuluma mzala weh

Uma ungakhulumi ukuthi ngikwenzeni
Kanti ngizoyiyeka kanjani lent'engiyenzayo kuwe
Aw khuluma, khuluma, khuluma mzala wami

Uma ungakhulumi ukuthi ngikwenzeni
Kanti ngizoyiyeka kanjani lent'engiyenzayo kuwe
Yey wena khuluma

Wena ungumzala wami
Futhi wena wena ungumntakamalume
Akufanel'ukuthi sixabane sodwa
Ay mntakamalume ngiyakutshela bazothin'abazali bethu

Wena ungumzala wami
Futhi wena ungowasekhaya kabomama
Akufanel'ukuthi sixabane sodwa
Woh ngiyakukhuza ngiyakukhuza
Mntakamalume

Wena ungumzala wami